Ziconsisa Amathe

R170.00 Inc.VAT

Yini eyenza ziconsise amathe izindaba ezimfushane nezimvusangqondo ezikuleli qoqo? Yingoba zonke zidingida izindikimba ezisematheni futhi ezingaphelelwa neze yisikhathi? Yingoba kwazihloko zazo nje ziyaheha, zenze ozifundayo afise ukuzifikela mathupha kwezikuqukethe? Kungabe kungenxa yoheho noteku olwenza zonke zibe wulozolo, kuloleke ozifundayo ahalele impinda? Noma yingoba zibhalwe ngamasu acokeme ahlukahlukane, azenza zingabi yisidadada esinobutiya? Kokunye kungenxa yokuthi zibhalwe yiciko eselimnkantshubomvu ekubhaleni? Ingabe yingoba nanxa ingase yehlukahlukane imibono kodwa kungavunyelwana ngazwi linye ngokuthi zonke ziconsisa amathe njengoju?

UNakanjani G. Sibiya ungomunye wababhali abavelele esiZulwini. Miningi kakhulu imiklomelo aseyizuze ngenqwaba yemibhalo yakhe ehlabahlosile, cishe kuyo yonke iminxa. Baningi abangawuvali umlomo ngenoveli yakhe edla ubhedu ethi “Bengithi Lizokuna.” Wayengumfanyana osafunda isikole ngenkathi kushicilelwa iqoqo lakhe lezindaba ezimfushane elithi “Ikusasa Eliqhakazile.” Usanda kushicilela iqoqo lakhe lokuqala lezindaba ezimfushane zesiNgisi elithi “The Reluctant Storyteller.”

In stock

SKU: 9780620891950 Categories: , Tag: Product ID: 334073
Weight150 g
Author

Nakanjani G. Sibiya

Publisher

Wethu Publisher

ISBN

9780620891950

Book Type

Paperback

Year

2020

Reviews

There are no reviews yet.

Be the first to review “Ziconsisa Amathe”

Your email address will not be published. Required fields are marked *