Weight | 150 g |
---|---|
Author | Vusi Mavimbela |
Publisher | Reach Publishers |
ISBN | 9781990984211 |
Book Type | Paperback |
Uhambo Lomshokobezi
R110.00 Inc.VAT
Uhambo Lomshokobezi yindaba yabantu abasha abaningi abanquma ukujoyina umbutho wenkululeko yesizwenomzabalazo wezikhali ngawo 1970 nawo 1980 eNingizimu Afrika. Lapha silandiswa nguVusi Mavimbela ngqo ngokwamenza wazinikela emzabalazweni, ukuthi walifulathela kanjani izwe kanjalo nadlule kukhona ekudingisweni ngaphansi kwe-African National Congress (ANC) noMkhonto weSizwe, uphiko lwezimpi lwe-ANC. Wudabala lolu okufanele luxoxwe futhi kufundwe ngalo ngoba luyingxenye emqoka yomlando wethu, okwekelela izizukulwane zakamuva ukuba ziqonde ukuthi sisuka kuphi zazi nangobungakho bomnikelo owenza kwazuzwa inkululeko yesizwe.
UVusi Mavimbela wafulathela izwe waya ekudingisweni ngo 1976. Wajoyina i-African National Congress, wabamba izikhundla eziphezulu eziningana.
Ubuyele ekhaya eNingizimu Afrika emuva kokuvalwa kwe ANC ne MK ngo 1990.
Ubambe izikhundla eziphezulu njengomeluleki nakwezokuphatha emaHhovisi kaMengameli abo bobabili oThabo Mbeki noJacob Zuma.
Usebenze nanjengomqondiso olawulayo wezinkampani zeMvelaphanda Group.
Umele iNingizimu Afrika njenenxusa emazweni ehlukene. UMavimbela ucijwe kanzulu kwezempini nakwezepolitiki e-Angola, eMoscow, eHavana naseBerlin ngawo 1980. Ugogode iziqu enyuvesi yaseNatal ingakabi yiNyuvesi yakwaZulu-Natal.
In stock
Reviews
There are no reviews yet.